NGIDINGA INOMBOLO YAMI YENTELA
Uma usukhohlwe inombolo yakho yentela ungayicela kwa-SARS ngezindlela ezahlukene:
- Ungavakashela egatsheni lakwa-SARS eliseduze nawe ukuze uyithol. Sicela uphathe uMazisi wakho.
- Ungayithola kwi- eFiling uma ubhalisile njengomsebenzisi wayo. Odinga ukukwenza ngukungena bese ubheka inombolo yakho
- Kumbe uyicele ngokukhuluma nabase-Call Centre yakwa-SARS ku- 0800 00 7277. Sicela ube nenombolo kaMazisi wakho eduze njengoba u-SARS kuzofanele aqinisekise ukuthi ungubani. Sicela wazi ukuthiangeke wakwazi ukucela isaziso sokubhalisa kwakho e-Contact Centre yakwa-SARS, lokho uzokuthola egatsheni lakwa-SARS.
Isu-Ngqangi:
Abakwa-SARS angeke banikezele ngenombolo yakho yentela komunye umuntu, ngaphandle uma lowo muntu eyisazi sentela esisebenza nawe kumbe enencwadi yokugunyaza ukuba engamele izindaba zakho zentela.