UNGANGENA KANJANI KU-“MY COMPLIANCE PROFILE” (MCP) NGE-EFILING
I-MCP inika umkhokhintela ithuba lokubuka isimo sakhe sentobelo-ntela njengokuhlonzwa kwaso ngu-SARS ukuze ezokwazi ukulungisa isimo sokungathobi esihlonziwe. Ukuqaliswa kwe-MCP kuhlomisa umkhokhintela ngolwazi oluthe thuthu mayelana nentobelo-ntela futhi kuyisiqalo sokususwa kohlelo lweSitifiketi Sobumsulwa KwezeNtela.
Kusemqoka ukuba uhlale njalo ubheka Isimo Sentobelo-Ntela sakho. Lokhu sekungenziwa kalula manje nge-
SARS eFiling. ukuze ukwazi ukubona isimo sakho sentobelo-ntela noma izizathu zokuthi kungani uthathwa njengongathobeli imigomo yentela kanjalo nokuthi ungasilungisa kanjani isimo sokungathobi.
Isigaba 1 1: Ngena ku-eFiling
Ngena kwi-eFiling usebenzisa igama lokuvula kanye negamamfihlo (password). Uma ubungakabi ngumsebenzisi we-eFiling zibhalise ku-
www.sarsefiling.co.za.
Udinga ukuba ngobhalisiwe kwi-eFiling futhi ube nokukodwa okuthelelwayo [njengeNtela yeNgenisomali, iNtelantengo (i-VAT) kumbe iNhlawula-Nganzuzo (PAYE)] osekufakiwe kwiphrofayili yakho yomkhokhintela ukuze ukwazi ukusebenzisa izinhlelo zeSimo seNtobelo-Ntela (I-TCS).
Isigaba 2: Thombulula imisebenzi yeSimo Sentobelo-ntela
Ongoti kwezeNtela kanye nabalawuli be-eFiling ezikhungweni kufanele baqinisekise ukuthi banike amalungulelo afanele kubasebenzisi abadinga igunya lokufinyelela lapho kuvezwe khona isimo sentobela-ntela. Ngemininingwane ethe thuthu mayelana nokwaba la malungelo, unxuswa ukuba ubheke ku- “
Umhlahlandlela weSimo Sentobela Ntela kwi-e-Filing”
Udinga ukwenza iSimo seNtobelo-Ntela sisebenze kanye ngemva kwalokho sizohlala sivulekile. Uma usuyithombisile futhi usudidiyele wadalula zonke izinombolo-nkomba zakho zentela, uzogunyazwa ukufinyelela kweyakho i-My Compliance Profile (MCP).
Step 3: Buka “i-My Compliance Profile”
Ungabuka iphrofayili yakho yentobelo-ntela ngokuqoka ikhethelo u-“My Compliance Profile”
Isimo sakho sentobelo-ntela sizobe sesivela njengakuhlonzwa kwaso ngu-SARS ebheka le mibandela yokuthoba:
- Isimo Sokubhalisa –Kufanele kube ubhalisile futhi uyasebenza ngentela okufanele engabe uyayithela;
- Ukwethula Izimbuyiselo Qinisekisa ukuthi akunazimbuyiselo ezisilele ngemva kosuku olungujuqu lokwethula;
- Izikweletu - Qiniseka ukuthi kawunasikweletu esisilele ku-SARS nesingakahlelelwa uhlelo lokusikhokha;
- Ushicilelo olwesekelayo–Qiniseka ukuthi kawuphundulekanga ukuletha imininingwane efunwe kuwe.
Ikhasi le-MCP libukeka kanje-ke:

Kuzokuvela iphrofayili ephawulwe ngemibala ukuze ibalule ukuthi uyathoba noma cha.
- Obomvu –Izindaba zakho zentela kazihlelekile futhi kawuthobeli imigomo yentela
- Oluhlaza –Izindaba zakho zentela zihlelekile futhi uyayithobela imigomo yentela
Uma ucindezela inkinobho yokwelula engak
wesokunxele sokubhalwe Ukubhalisa, Ukwethula Izimbuyiselo, Izikweletu kanye no-Ushicilelo Olwesekayo, kuzovela ulwazi oluthe xaxa mayelana nesimo sokuthoba salowo ongumsebenzisi we-eFiling. Uma ubona inkinobho ebomvu ekhomba ukungathobi, elula ukuze ubone isizathu sokungathobi nesu lokusilungisa.
Lezi zibaluli eziphawulwe ngemibala ziyisifinyezo sokuphelele sesimo sakho sentobelo-ntela mayelana nezidingo zakho zokuthoba.
Ngenzenjani uma i-“My Compliance Profile” Ibomvu?
Ikhethelo 1: Ukulungisa Ukungathobi
Ukuze kubhekwane nesimo sokungathobi, ungaqoka isibaluli sesimo se-Non-Compliant ukuze ubone ukuthi yini okudingeka uyenze ukulungisa isimo sokungathobi. Kokunye, ungalungisa isimo sokungathobi ngemigudu ekhona nezinhlelo ezidalulwe lapho.
Ikhethelo 2: Ukubuyekeza isimo sakho sentobelo-ntela
Uma ungagculisekile kumbe ungavumelani nesimo sakho sentobelo-ntela, ungenza isethulo esisho ukuthi kungani u-SARS kufanele abuyekeze isimo sakho sentobelo-ntela. Lokhu kungenziwa nge-eFiling ngokucindezela ku-“Challenge Status” bese wethula isizathu esiseka ukuthi kungani u-SARS kufanele aphinde abuyekeze futhi isimo sakho sentobelo-ntela.
Ngemva kokwethula uzothola incwadi yokwazisa kanye nenombolo yenkonondo. Uma kukhona ushicilelo olusekelayo njengobufakazi bezinkonondo zakho, usuzokwazi manje ukululetha ngekhasi lokusebenza lokho kukhononda.
Ikhethelo lika-“My Account Enquires” ngaphansi kweSimo Sentobelo-Ntela sikwenza ukwazi ukubuka imibuzo mayelana ne-akhawunti nokubandakanya inqubeko ngalokho okwethulelwe “ukubuyekeza Isimo”
Udinga usizo?
Shayela kwi- Contact Centre ku- 0800 00 SARS (7277) noma uye egatsheni eliseduze lawka-SARS