UNGASIQINISEKISA KANJANI ISIMO SENTOBELO-NTELA
Ngalolu hlelo olusha lweSimo Sentobelo-Ntela (i-TCS), umkhokhintela usezokwazi ukugunyaza asebenzisana nabo ukuba baqinisekise isimo sakhe sentobelo-ntela ngenye yezindlela ezimbili ezikhona:
- Ngokusebenzisa iNombolomfihlo yomgudu wokusebenza ngogesi, kumbe
- Ngokusebenzisa Isitifiketi Sobumsulwa KwezeNtela esitholakala ngohlelo olusha lwe-TCS
Ukuqinisekisa ngokusebenzisa iNombolomfihlo
Inombolomfihlo ingasetshenziswa ukuqinisekisa isimo sentobelo-ntela,
Isu-Ngqangi: Uma kusetshenziswa iNombolomfihlo ukuqinisekisa, imiphumela evelayo iveza isimo sentobelo-ntela ngendlela eyiso ngalolo suku nangaleso sikhathi okusetshenziswe ngayo iNombolomfihlo.
Ukuqinisekisa Isitifiketi Sobumsulwa KwezeNtela (i-TCC) esitholwe ngokohlelo olusha lwe-TCS
I-TCC ingaqinisekiwa ngalokhu:
Isu-Ngqangi: Uma i-TCC isiqinisekisiwe, imiphumela iyakuveza ukuthi i-TCC isasebenza yini ngosuku nangesikhathi oyibheka ngaso.
Ungayiqinisekisa kanjani i-TCS/i-TCC nge-eFiling yakwaSARS.
Isigaba 1: Ngena ku-eFiling
Ukuze usebenzise uhlelo lwe-inthanethi olusha lweSimo Sentobelo-Ntela, kufanele ube ngumsebenzisi ogunyaziwe we-eFiling. Umuntu ogunyaziwe (isibonelo, ummeleli womkhokhintela noma umsingathi we-eFiling) wesikhungi esingazimisela amalungelo namaqembu abasebenzisi kufanele bangene bese bethombulula ukusebenza kohlelo.
Isigaba 2: Thombulula uhlelo Lokuqinisekisa Isimo Sentobelo-Ntela
Ukuthombulula uhlelo Lokuqinisekisa Isimo Sentobelo-Ntela kuyinto eyenza kube kanye.
- Uma usungenile, hlela kahle iqembu labasebenzisi kanye namalungela abasebenzisi ukuze ukwazi ukuqinisekisa i-TCS/ i-TCC
- Cindezela ku “Tax Status
- Qoka u- “Tax Compliance Status Verification”
- Qedela uhlelo lokuthombulula
Isigaba 3: Qinisekisa i-TCS/ i-TCC yomkhokhintela
Qoka ikhethelo le “New Verifications Request”. Faka inombolonkomba yentela neNombolomfihlo kumbe inombolo ye-TCC komkhokhintela bese uyakuhambisa. Qinisekisa ukuthi imininingwane evelayo iyahambisana neyaloyo mkhokhintela ofuna ukuqinisekisa ngaye.
Uma kusetshenziswe inombolo ye-TCC, uhlelo luzodalula ukuthi i-TCC isasebenza yini. Uma kuyiNombolomfihlo esetshenzisiwe, kuzovela isimo sentobelo-ntela somkhokhintela sangeleso sikhathi futhi sizokube siphawulwe ngemibala kanye nengcaciso yokuthi leso simo sizokube sisho ukuthini. Imibala isho ukuthi izindaba zomkhokhintela zentela zangaleso sikhathi zimi kanhle noma cha:
- Obomvu –Izindaba zakho zezentela kaziqondile futhi kawuyithobeli imigomo yentela
- Oluhlaza –Izindaba zakho zezentela ziqondile futhi uyayithobela imigomo yentela
Manje usuzokwazi ukushicilela isiqinisekiso ukuze ugcine amarekhodi. Ukuqinisekisa kwakho kuzolondolozwa ngaphansi kuka “History” ukuze kuthathiselwe kukho ngokuzayo.
Isu-Ngqangi: Izitifiketi Zobumsulwa KwezeNtela ezaakhishwa ngohlelo oludala kusadingeka ukuba ziqinisekiswe ngendlela eyayibekiwe endala yokuqinisekisa engaphansi kwekhethelo liak- “Services” emchayweni oku-
eFiling.
Ukuqinisekisa i-TCC usebenzisa uhlelo lokuqinisekisa oludala
cindezela lapha.
Udinga Usizo