Ufuna ukuzazini u-SARS nge-SVDP? |
i-SVDP ihlose ukukhuthaza abakhokhintela ukuba baphumele obala ngokuzithandela ukuzodalula impahla abanayo emazweni aphesheya ngalokho bahlelembe izindaba zabo zezentela ngakulolu hlangothi. |
Ngubani ongafaka isicelo se- SVDP? |
- Abantu ngabodwana kanye nezinkampani.
- Abafuduki, abanikelayos, amafa abangasekho kumbe abahlomuli kumaqomangcebo angenamibandela asemazweni bangaba yingxenye uma beqoka ukufaka phakasheya impahla nengenisomali elithathwa njengelabo elikulamaqomangcebo
- Abakhokhintela abadedele noma enjani impahla yasemazweni ngaphambi kukaNdasa 2010 nabo bangafaka isicelo sokuxegiselwa ngaphansi kwe-SVDP. Izinhlinzeko ezikhethekile zokubuka zizosebenza maqondana nalesi simi
|
Ngubani okungafanele afake isicelo se-SVDP? |
- Abantu abanikwe isaziso sokuqaliswa kophenyo lobucwaningimabhuku kumbe lobugebengu maqondana nempahla esemazweni kumbe intela yasemazweni kabavunyelwe ukufaka isicelo.
- Lapho u-SARS esethole imininingwane ngaphansi kwemigomo yohlelo lokunikezelana ngolwazi lwamazwe omhlaba.
- Ukudalula lapho kubekwa ukuthi yonke kumbe ingxenye yemali engumnyombo/imali elondoloziwengemva kwalokho/ukufaka imali empahleni yasemazweni konke kuyathela eNingizimu Afrika. Uhlelo Lokuzidalulela i-VDP luhlala lukhona ekudaluleni kwalolu hlobo.
- Amaqomangcebo (Trusts).
|
Ingabe kukhona okuyizidingongqangi zesicelo esiqondile se-SVDP? |
Yebo. Bheka izidingongqangi ngaphansi kwesigaba 227 soMthetho Wokusingathwa Kwentela
Ukudalula kufanele:
- Kube ngokuzivolontiyela
- Kubandakanye ukungakhokhi okungazenge kwenzeka eminyakeni emihlanu yokudalulwa kokuphutha kokukhokha okufanayo okwenziwe ngumfakisicelo
• Kugcwale futhi kuphelele kuzo zonke izidingo zakho • Kubandakanye ukuziphatha okubalulwe kwikholomu 2 yethebula lamaphesenti ezinhlawulo zokudalula ngaphansi elikusigaba 223. • Kungaphethi ngokubuyiselwa imali ngu-SARS • Kwenziwe kwifomu elifanele nangendlela ebekiwe
|
Lukhona na ushicilelo oluyisidingongqangi esicelweni se-SVDP? |
Yebo. Lolu shicelelo olwesekelayo olulandelayo kufanele luhambisane nesicelo ukuze kunqunywe isamba ngenhloso yokuthelisa
- Amanani empahla kufanele agcwaliswe ngohlelo lwethebula futhi alethwe ehamba nefomu lesicelo i-VDP01 – Bheka umhlahlandlela we-SVDP;
- Ushicilelo olufakazela ubukhona bempahla esemzweni (isib imininingwane ye-akhawunti yasebhange, amaphepha okubhaliswa kwezakhiwo);
• Isiqinisekiso sosuku okwatholakayo ngayo leyo mpahla(incwadi yasebhange uma kuyi-akhawunti yasebhange, isitifiketi samasheya, amaphepha okubhaliswa komuzi); • Ukuxhumana komfakisicelo naleyo mpahla(isib. Umniningu, umqondisi, umninimasheya, umhlomuli); • Incazelo yehlelo olwasetshenziswa ukuthola leyo mpahla yasemazweni noma ukuyisungula; • Incwadi yomphagunya (lapho idingeka).
|
Ngingawatholaphi amafomu okufaka isicelo? |
Ngezinjongo ze- SVD, u-SARS & SARB bavumelene ngomgudu owodwa wokwemukela lezi zicelo,nokungumgudu Wohlelo lweVDP elikwi-eFiling yakwa-SARS.
- Isicelo Sokuxegiselwa Intela: ifomu elikhona lesicelo se-VDP (VDP01) seliphuculiwe ukuze kufakwe nokudalula kwentela okuhambisana ne-SVDP.
- Isicelo Sokuxegiselwa Ekulawulweni Kokushintshisana: . kufanle kugcwaliswe ifomu lokufaka isicelo Sokuzidalulela Okukhethekile Kokulawulwa Kokushintshisana (SVDP01)
Uma umfakisicelo efakela kokubili ukuphundula kwezentela nokwezokulawula kokushintshisana, makagcwalise amafomu womabili ele-VDP01 kanye ne-SVDP01.
|
Ingabe kufanele ngibe ngobhalisile-kwi-eFiling ukuze ngikwazi ukufaka isicelo se-SVDP na? |
Yebo. Kusho ukuthi kufanele ubhalise kwi-eFiling andukuba ubhalisele i-SVDP. |
Uthola kuxegiselwa kuni uma i-SVDP yentela iphumelela? |
- Ingenisomali elidale ukuba kube nempahla esemazweni lizokuxegiselwa wkintelangeniso, kwintelaminikelo kanye nasezibizweni zenyela ezivuke ngesikhathi esidlule.
- Ngu-40% kuphela wenani eliphakathi lempahla engaphandle kwaseNingizimu Afrika phakathi kuka-1 kuNdasa 2010 no-28 kuNhlolanja 2015 (okukholakala sengathi) eyatholakal ngengeniso ongalidalulanga elizobandakanywa kwingeniso elithelayo nelingaphansi kwentela yaseNingizimu Afrika esithubeni sokuthela sika-2015
- Inzuzo yotshalomali kanye nezinye izimo zentela kusuka kumhla ka-1 kuNdasa 2015 zizokukhululwa enteleni
- Inzalo ezikweletini zentela ezize ngokudalula zizosuka ngonyaka wokubuyekeza u-2015 kuphela
- Akukho nhlawulo ezobizwa yokudalula ngaphansi
- Uzokhulula ngo-100% ezinhlawulweni zokusingatha nokungathobeli intela ezazibizwe kuwe kushiya ngaphandle inhlawulo yokuletha imbuyiselo emva kwesikhathi
- U-SARS ngeke akubeke amacala obugebengu ngenxa yokudalula kwkaho.
|
Kudingeka ngiguqule imali yasemazweni ibe ngamaRandi aseNingizimu Afrika. Ngikwenza kanjani futhi nini lokhu? |
Yebo. Inani lokuxegiselwa intela liyinani lasezimakethe elihlonzwe ngemali yasezizweni kepha laguqulelwa emaRandini aseNingizimu Afrika ngezinga elimile ekupheleni kwesithuba sokuthela okuthe ngaso inani eliphezulu lawa. |
Kwenzekani uma isicelo sami semukelwe? |
Kuba nesivumelwano phakathi kuka-SARS nomfakisicelo esiveza imiphumela yohlelo lwesicelo. |
Ngingasifaka isicelo esingenagama se-SVDP? |
Cha, kepha umfakisicelo ofisa ukuthola izidingo zokufaneleka kanye nokuxegiswal angaletha isicelo sombono ongabophezeli. Umbono ongabophezeli uhambisana nokudalulwa kwamaqiniso okwenze esicelweni esisemthethweni. Ungasisebenzisa njengomhlahlandlela kuphela. |
Yisikhathi esingakanani esivulelwe i-SVDP? |
- Izicelo zokuxegiselwa ngaphansi kwe-SVDP zizosebenza isikhashana kusukela ngo1 kuMfumfu 2016 kuvale ngo-31 kuNcwaba 2017;
- Isicelo esifakwe ngaphambi komhlaka-1 kuMfumfu 2016 kumbe ngemva kuka-31 kuNcaba 2017 sizosetshenzwa ngaphansi kohlelo olujwayelekile lokuzidalululela i-VDP, okusho ukuthi imithetho ye-SVDP angeke isebenze.
|
Ngingakwazi ukuphikisa noma ngidlulise udaba lokubuyekezwa kwe-SVDP? |
Cha, ukubuyekezwa kwe-SVDP kuqalisa isivumelwano se-SVDP, futhi kubandakanya njengokuvamile ingenisomali elongezayo elithelayo olidalulile kanye nenzalo nezinhlawulo ezingashabalaliseki. Ukubuyekeza kwe-SVDP akukho ngaphansi kwesicelo sokuphikisa nokudlulisa udaba. |
Ngingakwazi ukufaka isicelo sesaphulelo senzalo kanye nezinhlawulo okuvuke ekubuyekezweni kwe-SVDP? |
Cha. inzalo nezinhlawilo ziyingxenye yesivumelwano se-SVDP kanye nokubuyekeza kwe-SVD, kokubili okungujuqu futhi okubophezelayo |
Kufanele ngenzeni ngemva kokufaka isicelo se-SVDP? |
Kubalulekile ukuqapha lokhu okulandelayo:
- Akunasidingo sokucela ukuqinisekiselwa futhi isicelo se-SVDP ezicelweni zombili ezimayelana nentela nezokulaulwa kokushitshisana. Uma uhlelo lwe-eFiling lusithathile isicelo, kusho ukuthi sizokuba sohlwini futhi sizosetshenzwa. Uzothola imiyalezo eqinisekisa ukuthi sizitholile izicelo zombili.
- Ukudalula kokuxegiselwa intela kuzoziyela kubasebenzi bakwa-SARS bese kuthi ukudalulwa kokuphulwa kwemigomo yokushitshisana kuzokuya kubasebeni bakwa-SARB.
- Umfakisicelo uzothintwa uma isicelo sakhe se-SVDP sesinikwe umsebenzi we-SVDP ukuze asisebenze. Ushicilelo oluyisongezo nolwesekelayo selungalethwa ngemva kwalokho.
- Ungasihoxisa noma kunini isicelo se-SVDP ngokuthumela umyalezonyazi ku- [email protected]
- Izimbuyiselo ezilungisiwe noma ezichitshiyelwe ezihambisana nesicelo se-SVDP singalethwa kwa-SARS ngemigudu evaisile noma kunini andukuba kusetshenzwe isicelo se-SVDP, izinhlawulo zukudalula okungaphansi kanye nezokungathobeli imigomo ezifanele ukuxegiselwa kwe-SVDP kuzosuswa uma isicelo se-SVDP sesisetshenziwe kwaze kwafinyelelwa esivumelwaneni.
- Cha, akukhi zinhlawulo kumbe inzalo uma ucela i-SVDP.
|
Kungenzeka ukuba ummeleli afake isicelo se-SVDP egameni lomkhokhintela? |
Yebo, ummeleli angasifaka isicelo se-SVDP egameni lomkhokhintela. |
Kudingekani ukuze ummeleli afake isicelo egameni lomkhokhintela? |
Bobabili umkhokhintela kanye nommeleli kufanele babe ngababhalisiwe ku-eFiling ummmeleli kufanele abe ngoxhunyiwe ezinhlotsheni zentela nakumaphrofayili. |
Kwenzekani uma umyalezo olandelayo ‘Isicelo esingenagama kufanele silethwe lapho umkhokhintela engabhalisele uhlobo lwentela olufakelwe isicelo se-SVDP’ uvela lapho ngiletha isicelo se-SVDP? |
Lokhu kuveza ukuthi umkhokhintela kanye nommeleli kababhalisiwe kwi-eFiling ngezinhlobo zale ntela kanye nakumaphrofayili.
Qinisekisa ukuba umkhokhintela nommeleli baxhunyisiwe ku- eFiling futhi uhlobo lwentela lufakiwe kwi- eFiling andukuba ulethe isicelo se- SVDP nge-eFiling. Uma kukhona izingqinamba, shayela Isikhungo Sezingcingo sakwa-SARS ku-0800 00 7277.
|
Ithini imininingwae yokuxhumana nabaphethe izicelo ze-SVDP emayelana nentela? |
Inombolo yocingo : 0800 864 613 Ikheli le-Webhu : www.sars.gov.za Ikheli le-imeyili: [email protected] Ikheli lomgwaqo: VDP Unit, South African Revenue Service, Gramick Office Park, 281 Middel Street, Brooklyn, Pretoria, 0001 Ikheli leposi : VDP Unit: South African Revenue Service; Private Bag X 923; Pretoria; 0001
|
Ithini imininingwane yokuxhumana nabaphethe izicelo ze-SVDP yokulawula Ukushinsthisana? |
Inombolo yocingo: 012 647 2243 Ikheli leWebhus: www.resbank.co.za Ikheli le-imeyili : [email protected] Ikheli Lomgwaqo: FinSurv SVDP Unit, South African Reserve Bank, Gramick Office Park, 281 Middel Street, Brooklyn, Pretoria, 0001 Ikheli leposi : SVDP Division; South African Reserve Bank; P O Box 3125; Pretoria; 0001
|
Ingabe abeluleki, izazi kanye nabanye abangabangeneleli kudingekile ukuba babike imininingwane yezicelo ze-SVDP? |
Sicela uthathisele kumhlahlandlela oshicilelwe ngu- FIC kanye no- IRBA. |
---|