INTELA YENZUZOMTHAMO (TURNOVER)
Iyini?
Intela Yenzuzomthamo(Turnover) iluhlelo olwenziwe lula noluhlose ukwenzela abamabhizinisi amancane lula ukufeza zonke izidingo zabo zentela. Uhlelo lwentela yenzuzomthamo lungena esikhaleni seNtelangeniso, i-VAT, Intela Yesithutshana, Intela Yenzuzo Yotshalomali kanye neNtelazabelo kumabhizinisi amancane anenzuzomthamo yonyaka engu-R1 million nangaphansi. Ibhizinisi elincane elibhaliselwe intela yenzuzomthamo lingakwazi nokho ukuzikhethela ukuhlala ohlelweni lwe-VAT (kusuka lu-1 kuNdasa 2012).
Intela Yenzuzomthamo ibalwa ngokusebenzisa izinga lentela kuyo inzuzomthamo ethelayo yebhizinisi elincane. Amazinga lawa asebenza kunoma yimuphi unyaka wokubuyekezwa ophela maphakathi kwezinyanga ezili-12 eziphela zingama-28 kuNhlolanja 2018:
0 - 335 000 |
0% |
335 001 - 500 000 |
1% walelo nalelo R1 ngaphezu kuka- 335 000 |
500 001 - 750 000 |
1 650 + 2% wesamba esingaphezu kuka- 500 000 |
750 001 kuya phezulu |
6 650 + 3% wesamba esingaphezu kuka- 750 000 |
---|
Ithebula 1: Amazinga Entela Yenzuzomthamo anoma yimuphi unyaka wokubuyekeza ophela ezinyangeni ezili-12 eziphela zingama-28 kuNhlolanja 2018.
Yenzelwe bani?
Amabhizinisi amancane enza inzuzomthamo ka-R1 million nangaphansi. Laba bakhokhintela abalandelayo bangafaneleka:
- Abantu ngabodwana (sole proprietors)
- Ubudlandawonye
- Ama-Close corporations
- Inkampani
- Imifelandawonye
Ubhalisa kanjani?
Ukuzibhalisela Intela Yenzuzomthamo :
Ukhokha kanjani?
Zintathu izinsuku ezimiselwe ukukhokha:
Ngeminye imininingwane
Yimaphi amarekhodi okufanele agcinwe?
Okuhlumulayo ngentela yenzuzomthamo ngukuncipha kwamarekhodi okufanele uwagcine. Yilawa amarekhodi okufanele uwagcine:
- Amarekhodi ayo yonke imali oyitholile;
- Amarekhodi ezabelo ozidalule;
- Uhlu lwempahla enenani elingaphezu kuka- R10, 000 ekupheleni konyaka wokubuyekeza kanjalo nezikweletu ezingaphezulu kuka-R10, 000.
Ukuze kucatshangelwe izindleko ezivame ukuthwalwa ngabamabhizinisi amancane kanjalo nokususa isidingo sokugcinwa kwamarekhodi ezindleko ongazifakela isicelo sokubanjelwa, amazinga entela yenzuzomthamo mancane ngokubonakalayo kunamazinga entela engaphansi kohlelo lwentela oluvamile.
Lokhu okulandelayo kuzokusiza ekugcinweni kwamarekhodi: