ISIBIZO SOKUDLULISELA SAMAQOMANGCEBO
Isibizo Sokudlulisa samaQomangcebo sizokubalwa njengalokhu okulandelayo:
Kuya zili-16 kuNtulikazi 1995 |
Inani lesibizo linqunywa ngokuhambisana nokuthi impahla leyo ibibekelwe bani (Isigaba 2(7)) isib. Uma abahlomuli bekungabantu bemvelo Intela yokudlulisela izobalelwa ezingeni labantu bemvelo. |
Kusuka zili-17 kuNtulikazi 1995 kuya zingama- 31 kuNtulikazi 1996 |
Inani lesibizo linqunywa noma ngabe ababhekiqoma ngabantu bemvelo noma cha. |
Kusuka zingu-1 kuNcwaba 1996 kuya zingama- 28/02/2006 |
Isibizo sawo WONKE AMAQOMANGCEBO singu-10% wenani okuthengwa ngalo futhi akakhathalekile ukuthi ngobani abangabahlomuli noma ababhekiqoma. |
Kusuka zingu- 1 kuNdasa 2006 kuya zingama- 22 kuNhlolanja 2011 |
Isibizo ngu- 8% wenani lokuthenga futhi kakukhathalekile ukuthi abahlomuli noma ababhekiqoma ngobani. |
Kusukela zingama- 23 kuNhlolanja 2011 |
Kusebenza izinga elivamile lokhu kungenakwehlukaniseka phakathi komuntu wokwemvelo nongesiye owemvelo. |
---|