UKUZILUNGISELELA INTELANTENGO
Kufanele ngilandele ziphi izinyathelo?
Uma ibhizinisi selibhaliselwe Intelantengo, umthengisi kumbe ummeleli womthengisi uphoqelekile ukuba ezne imisebenzi ethile futhi abe nempendulelo kokuthile, isibonelo, umthengisi noma ummeleli womthengisi kudingeka -
- abandakanye iNtelantengo kuwo wonke amanani awakhangisile noma awahlongozile;
- abize futhi aqoqe iNtelantengo;
- alethe imbuyiselo nezinkokhelo ngesikhathi;
- akhiphe iziliphu zentela zalokho akuthengisile;
- agcine amarekhodi afanele empahla ayithengisile nayitholile;
INtelantengo kufanele ikhokhwe nini?
Emabhizinisini afaka izimbuyiselo zeNtelantengo nezikhokha bunyazi (okungukukuthi umthengisi ubhalisile njengomsebenzisi we-eFiling, okulapho imbuyiselo yeNtelantengo kufanele igcwaliswe kusetshenziswa iqophelo le-eFiling kanye nokukhokhelwa kweNtelantengo kungenziwa lapha), iNtelantengo mayikhokhwe lungakafiki usuku lokugcina lokusebenza enyangeni ngemva kokuphela kwesithuba senentela.
Emabhizinisi amanye, Intelantengo kufanele ikhokhwe ungakafiki umhla wesi-25 ngemva kokuphela kwesithuba sentela. Ngeminye imininingwane ngesithuba sentela seNtelantengo yabathengisi, cindezela lapha.
INtelantego kufanele ikhokhwe kanjani?
INtelantengo ingakhokhwa ngale migudu:
- nge-eFiling yakwa-SARS;
- Nge-EFT ebhange
- Egatsheni.