INTELANTENGO (VAT)
Yini Intelantengo?
Intelantengo ivamise ukubizwa nge-VAT. I-VAT iyintela ongayikhiphi ngqo kepha ebizwa empahleni nesemisebenzini esikuthengayo esiyingini somnotho.Ingenisomali liyagaywa nguHulumeni ngokuthi amabhizinisi athile abhalise futhi abize i-VAT ezintweni eziyimisebenzi neziyimpahla ezithelayo abanazo. La mabhizinisi aba ngabathengisi abasebenza njengezisebenzi zikaHulumeni ekuqoqeni i-VAT.
I-VAT njengamanje ibizwa ngokwezinga elivamile elingu-14% ekuthengisweni kwempahla noma imisebenzi kanjalo nasekuthekelweni kwempahla. I-VAT ebizwa empahleni ethekeliwe iqoqwa
ngabezemithekelo. Kunempahla nemisebenzi okumbalwa okutheliswa ngezinga lelutho kumbe ngokungavamile ixegiselwe i-VAT.
Ngubani okufanele abhalisele i-VAT?
Noma yimuphi umuntu oqhuba ibhizinisi angazibhalisela i-VAT. Ungazibhalisela umkanye zonke ezinye izinhlobo zentela usebenzisa
uhlelo lwemininingwane yekhasimende. Igama elithi umuntu kaligcini ezinkampanini kepha lihlanganisa, phakathi kokunye, nabantu ngabodwana, ubudlelandawonye, izikhwama zamaqomangceno, amaprojekthi axhaswe ngabanikeli basemazweni kanye nomasipala. Ukuze uzibhalise, ifomu lokufaka isicelo kufanele ligcwaliswe bese kulandelwa uhlelo oluthile, kokubili lokhu ungakuthola ekhasini elithi
uyibhalisela kanjani i-VAT.
Kuphoqelekile ukuba umuntu abhalisele i-VAT uma impahla noma imisebenzi ayenzayo nethelayo idlulile ku-R1m ezinyangeni ezilishumi nambili ezilandelanayo.
Umuntu anganquma futhi ukuzibhalisa ngokuzikhethela uma impahla ethelayo yenze, esikhathini esidlule esiyizinyanga ezilishumi nambili, okungaphezulu kuka-R50 000. Kusukela mhlaka-1 kuNdasa 2012, amabhizinisi amancinyane afanelekile abhalisele
Intela yenzuzomthamo angakhetha futhi ukuzibhalisela i-VAT inqobo nje uma yonke imibandela yokuzibhalisa ngokuzikhethela kwi-VAT beyigcwalisa.
Umuntu ophoqelekile ukuzibhalisela i-VAT ubizwa ngomthengisi.
Kufanele ngizilethe nini izimbuyiselo bese ngikhokha?
Umthengisi kudingeka ukuab alethe imbuyiselo ye-VAT bese ekhokha akukweletayo kwe-VAT(kumbe afake isicelo semali ebuyayo ye-VAT) ngokuhambisana
nesithuba sokuthela esimiselwe umthengisi. Imbuyiselo ye-VAT kanye nezinkokhelo zivame ukulethwa/ukukhokhwa ngaphambi komhla wama-25 ngemva kokuphela kwesithuba sokuthela. Ukukhokha ngemva kwesikhathi Ivat kuholela ekubizweni
kwenhlawulo nenzalo.
Ukukhokha e-ABSA, Albaraka Bank Limited, Bank of Athens, FNB, HBZ Bank LTD, Nedbank nase-Standard Bank.
|
Olwama-25 |
Olwama-25 |
Ukudlulisa Imali Bunyazi (EFT (kanye nokubhanga nge-inthanethi) |
Olwama-25 |
Olwama-25 |
Ukufaka imbuyiselo nokukhokha nge-eFiling yakwa-SARS kumbe Ukudlulisa Imali Bunyazi (EFT (ukubhanga nge-inthanethi) |
Usuku lokugcina lokusebenza |
Usuku lokugcina lokusebenza |
---|
Isungqangi: Ngomhla we-19 kuMfumfu 2012, u-SARS wacacisa esizisweni ukuthi abathengisi abasebenzisa i-eFiling baqhubeka balethe izidalulo zabo ze-VAT ngosuku lwama-25 enyangeni.Umhlomulo wokungabizwa nzalo, nhlawulo kumbe ukushushiswa uzolokhu usebenza uma isidalulo kanye nenkokhelo kulethwe nge-eFijing (noma nge-EFT) ngalo noma ngemva kwalo usuku lokugcina lokusebenza enyangeni.
Ngiluthola kanjani ushicilelo oludala oluhambisana ne-VAT?
Iwebhsayithi yakwa-SARS kayilugcini ushicilelo oludala noma olwahoxiswa, ngaphandle kwalawo akweletwa ngabezoMthetho Nezinqubomgomo, isibonelo Izimemezelo, Imithethonqubo kanye neSaziso kukaHulumeni, kanjalo nezindaba i-VATNews esemafayilini.