Merging tax profiles IsiZulu

UKUDIDIYELA YONKE INTELA OYITHELAYO IBE KWIPHROFAYILI EYODWA

Sekunekhethelo Elisha Lokudidiyela kwi-eFiling. Leli khethelo lizolekelela abakhokhintela, Abameleli Ababhalisiwe bezikhungo kanye NeZazi Zentela ukuba bakwazi ukudidiyela zonke izinhlobo zentela njengeNtelangeniso, kanye neNtela yabaSebenzi kanjalo neNtelamithekelo kanye neyezono ibe ndawonye ngaphansi kwephrofayili eyodwa yomuntu /yesikhungo. Kuzofanele ulande iSiphequluli se-eFiling sakwa-SARS ukuze usebenzise lo msebenzi. Chofoza lapha ukuthola ukuthi ungasilanda kanjani isiphequluli esisha se-SARS eFiling.

 Isu-ngqangi: Ummeleli angamela umkhokhintela ezimweni ezikhethekile, isib. Umzali uma kungumntwana noma ongaphansi ngeminyaka, Umabilifa uma kusezindabeni zamafa. Ukudidiyelwa kwentela ngaphansi kwephrofayili eyodwa kufanele kwenziwe kanye. Okunye nokunye okubhaliswayo kuzoxhunyelelwa kwiphrofayili yomkhokhintela noma yesikhungo eyodwa.

Ukubuyekezwa kwemininingwane ebhalisiwe kumele kuqhutshekwe nokwenziwa kwi-Fomu Lokuchibiyela Nokuqinisekisa Ukubhalisa i-RAV01.

Ukuthombulula kanjani ukudidiyela?

 Isu-ngqangi: Ukudidiyela akwenzeki nge-e@syFile™.   Ngaphambi kokuba udidiyele, kufanele uqale ukuthombulule ukudidiyela.   Abameleli Ababhalisiwe kanye neZazi Zentela bazodinga ukuthombulula ikhethelo lokudidiyela kwi-eFiling  kwiphrofayili yomkhokhintela/yesikhungo ngamunye andukuba bayisebenzise. Abakhokhintela abangabodwana nje awabo amaphrofayili azobe esezithombululile   Ukuthombuluka kumele kwenziwe :

  • Noma ngabe usuke wasebenzisa i-eFiling phambilini
  • Kube kanye kulelo nalelo khasimende, nokuzobe-ke sekuvumela ukudididyelwa kwazo zonke izinhlobo zentela futhi kuqinisekise iminingwane ebhalisiwe.

Ukuthombulula okuqondene Nabameleli Ababhalisiwe

Isigaba 1

Thombulula ukudidiyela kwi-eFiling. .

Iya kwiphrofayili yaleso sikhungo bese ucindezela u-‘Activate Registered Representative’ ngaphansi kwe‘SARS Registered Details’:  

Screenshot of Activate Registered Representative on Organisation Menu

Kuzovezwa Isiqinisekiso Sabameleli. Sifundisise kahle. 

Isigaba 2

Qoka u ‘I agree’ bese ucindezela u- ‘Continue’.

Screenshot of Representative Declaration dialog with Continue button

Isigaba 3

Gcwalisa ngenombolonkomba yakho yentela ngaphansi kuka-‘ User Details’ we-eFiling bese ucindezela u-‘Activate Registered Representative’.

Isu-ngqang: Uma ukuthombuluka sekugunyaziwe, amalungelo-ke asenganikwa umsebenzisi ukuba ethule ukubhalisa okusha, kepha kuphela kuyokuba nguMmeleli Obhalisiwe ongasebenzisa ikhethelo lokudidiyela.

Ukuthombulula okuqondene neZazi Zentela

Uzokunikwa igunya lokungena ekhethelweni lokudidiyelwa, uma usuke wazifaka njengeSazi Sentela Esibhalisiwe kwiphrofayili yomkhikhintela/ yesikhungo.

Isigaba 1

Iya ku- ‘Services’, cindezeka ku ‘My TP Configuration’ uphinde futhi ku-‘Practitioner Activation’

Screenshot of My Services Menu with Practitioner Activation

Kuzovezwa ‘ Isiqinisekiso SeZazi Zentela’ Sifundisise kahle. 

Isigaba 2

Qoka u-I agree bese uqoka u- ‘Continue’

Screenshot fo Tax Practitioner Declaration Dialogue with Continue Button

Isu-ngqangi: Uma ukuthombulula sekugunyaziwe, sekungabiwa amalungelo kubasebenzisi ukuba basebenzise ikhethelo lokudidiyela.

Ukuqedela uhlelo lokuthombulula

Ukuze Abameleli Ababhalisiwe baluphothule kahle uhlelo lokuthombulula, kuzodingeka ukuba uthumele lolu shicilelo olusekelayo (imininingwane eyisidingo) kuzokuya ngohlobo lwesikhungo:  

Ubunjalo Besikhungo​ ​Isigaba Ngukuqokwa ngu:​ ​Ushicilelo olusekela ukuqokwa
​Kumuntu ngayedwana ​Ummeleli ​N/A ​Umazisi (isib. Umazisi, Incwadi Yokuhambela)
Inkampani​ ​Umsebenzi Womphakathi ​Ibhodi LabaQondidi ​Incwadi Yokuqokwa koMmeleli Isaziso  Sokuhlanganyela
​Iqomangcebo ​Umbhekiqoma Omkhulu ​Ibhodi LabaBhekiqoma ​Incwadi Yegunya Isigunyazo Seqomangcebo
Uhulumeni
Isikhungo Somphakathi
Isikhungo Sikahulumeni​
​Umgcinimabhuku ​Isaziso SikaHulumeni ​Incwadi Yokuqokwa koMmeleli
Iqembu lezombangazwe ​Umgcinimafa Incwadi Yokuqokwa koMmeleli​
​Iqembu ​Umgcinimafa ​Umgwamanda ​Incwadi Yokuqokwa koMmeleli
​Umfelandawonye ongenzi nzuzo Inhlangano Yezenhlalakahle ​Umgcinimabhuku ​Incwadi Yokuqokwa koMmeleli
Ubulingani
Ibhodi Yamalungu
​Umgcinimabhuku ​Abalingani ​Incwadi Yokuqokwa koMmeleli Isivumelwano Sobulingani

Isu-ngqangi: Kungathatha izinsuku ezingaba ngama-21 zokuhweba ukuba amaphepha owalethile aqinisekiswe futhi abuyekezwe. Ukuthombuluka kungagunyazwa noma kuchithwe.

Lapho ukuthombuluka kuchithiwe, kuzodingeka uhambele igatsha lakwa-SARS ukuze uzoqinisekiswa njengoMmeleli Ogunyaziwe. Khumbula ukwenza i-aphoyintimenti.

Uma ukuthombuluka sekuqinisekisiwe:

  • Kuzokuba nguwe kuphela obhaliswe njengoMmeleli Obhalisiwe womkhokhintela/wesikhungo ohlelweni lakwa-SARS
  • Noma yimuphi omunye uMmeleli Obhalisiwe obenziwe wasebenza uyokuphunza. Kuyothunyelwa isaziso salokhu kwiphrofayili yakhe ye-eFiling kumbe nge-imeyili.

Uyididiyela kanjani intela?

Uma sekusebenza ukudidiyela, qoka u-‘Merge Entities’ ngaphansi kuka-“ SARS Registered Details:

Screenshot of SARS Registered Details Menu with Merge Entities

Ngemuva kwalokho uzolandela inqubo eyizinyathelo eziyisithupha yokuqinisekisa ukuthi zonke izinhlobo zentela zixhumene kumkhokhintela / isikhungo esifanele:

Isigaba 1

Qoka uMmeleli Obhalisiwe womkhokhintela/wesikhungo

Lokhu kuzobaluleka kwiZazi Zentela.

Isigaba 2

Isu-ngqangi: Kubakhokhintela abangabodwana, Izinkampani namaQomangcebo kuzokuba kunekhethelo elilodwa

Kufanele kulethwe imininingwane njengoMmeleli Ogunyaziwe hhayi eyeSazi Sezentela.

UMmeleli Ogunyaziwe ngumuntu oqokwe ngamalungelo agcwele ukuba anqume egameni lesikhungo esisemthethweni nokungavamile ukuba abe yiSazi Sezentela.

Isu-ngqangi: Isimo esikhethekile kuyokuba, ukwenza isibonelo, lapho Isazi Sentela eqokwe njengoMsebenzi Womphakathi njll wenkampani kanti usebenza futhi njengeSazi Sentela somunye umkhokhintela.

Isazi Sezentela kufanele siqinisekise nokhasimende ukuba ngubani okufanele abe nguMmeleli Obhalisiwe, andukuba aqoke kwi-eFiling.

Ushicilelo olusekelayo (ubufakazi obuyisidingo) loMmeleli Obhalisiwe kufanele luthunyelwe kwa-SARS.

Uma ukuthombuluka sekugunyaziwe:

  • UMmeleli Ogunyaziwe uzokubhaliswa-ke njengoMmeleli Ogunyaziwe ngaphansi komkhokhintela /kwesikhungo kwabakwa-SARS
  • Noma yimuphi omunye uMmeleli Obhaliswe obegunyazwe ngaphambilini uyokuphunza. Isaziso ngalokhu siyothunyelwa kwiphrofayili yakhe ye-eFiling noma nge-imeyili

Isigaba 3

Imininingwane Emqoka

Qoka ukubhalisa okusemqoka kwesikhungo nokuzokuba yilapho kuxhunyaniswe khona konke okunye okubhaliswayo njengeNtelangeniso okuzoxhunyelelwa kuyo iNtelantengo  

Screenshot of Records Merge screen

Isu-ngqangi: Makusetshenziswe iminingwane ehambisana nesikhathi samanje. 

Isigaba 4

Eminye imininingwane

Faka zonke ezinye izinhlobo zentela okufanele zixhunyelelwe kulo mkhokhintela/isikhungo 

Isu-ngqangi:Gcwalisazonke izikhala eziyimpoqo, zizobe ziphawulwe ngokubomvu

 

Isigaba 5

Buyekeza- Buyekeza yonke iminingwane ukuba ilungile andukuba uthumele isicelo kwa-SARS. Qinisekisa ukuthi imininingwane yekhasimende, inombolonkoma njll. Kufakifwe.  

Isigaba 6

Thumela

Qedela isiqinisekiso bese uthumela isicelo kwa-SARS. 

Screenshot of Submit step on Records Merge screen

Isu-ngqangi: Uyokuya egatsheni lakwa-SARS. Uma kuxhunywe inombolonkomba okungeyona ephrofayilini lomkhokhintela/lesikhungo. Lokhu kakulungiseki kwi-eFiling. Ngeminye imininingwane ethe xaxa,bheka Ikhethelo lethu Lomhlahlandlela ozigabgaba wokudidiyela izikhungo kwi-eFiling..

Udinga usizo?

  • Vakashela Igatsha lakwa-SARS.
  • Shayela e-SARS Contact Centre ku-0800 00 SARS (7277).

Table of Contents

Last Updated:

Facebook
Twitter
LinkedIn
Email
Print