Registered Representatives isiZulu

ABAMELELI ABABHALISIWE

Yini ummeleli obhalisiwe?

UMmeleli Obhalisiwe ngumuntu oqokwe ngamalungelo agcwele ukuba anqume egameni lesikhungo esisemthethweni (isib.  Izinkampani, ama-Trust, njll.), kuvamise ukuba Yizisebenzi Zomphakathi, Abasebenzi BezobuGcinimabhuku, kumbe abasingathi bezindaba ezithinta isikhungo, njll. Uma isikhungo esisemthethweni sinabammeleli abangaphezu koyedwa, omunye wabo-ke kuyosho ukuba makaqokwe “njengomuntu ongummeleli osemthethweni” kwabakwa-SARS. Khumbula ukuthi ummeleli obhalisile kufanele abe ngobhalise nabakwa-SARS

Intuthuko kubameleli ababhalisiwe (isib. Abasebenzi BoMphakathi)

Ngokubhalisa kanye, ummeleli obhalisile  (isib. Omele inkampani, noma uMsebenzi woMphakathi) usengakwazi manje ukwenza neminye imisebenzi  kwi-eFiling, funda kabanzi lapha.

Ngubani ongaba ngummeleli obhalisiwe?

Laba abalandelayo bazokwamukeleka ukuba basebenze “njengabameleli ababhalisiwe”:  

Uhlobo Lwesikhungo Esisemthethweni​ Ubunjalo Besikhungo​ Isikhundla Sommeleli​
Umuntu ngayedwana​ ​Umuntu ngayedwana ​Umzali/Umbheki, Umvelelimafa, Umabimafa, Umsingathi
​Izinkampani zabantu  ngabodwana ​Umvelelimafa, Umabimafa, Umsingathi
​Izikhungo ezibhalise ngaphansi kweKhomishana yeMpahla Yobunjulabuchopho Nezinkampani. ​INkampani kaHulumeni (SOC) ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Ezimele  (Pty) Ltd ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani  Yomphakathi (Ltd) ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Personal Liability Company (Inc) ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Engenzi Nzuzo (NPC) ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Enqindwa Yisibopho ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Yangaphandle ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Yangaphandle Engenzi Nzuzo ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Ebhaliswe ngokoMthetho waseNtilasifali ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Isikhungo Esiyinguyazana ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Inkampani Engenasithiyo ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Umfelandawonye Obungqangi ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Umfelandawonye Omaphakathi ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Umfelandawonye Ophakeme ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Umgwamanda Ongokomthetho kaHulumeni ​Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi
Izikhungo ezibhaliswe  njengezingezizo eze-CIPC​ ​Ubulingani/ Ibhodi Yesikhungo Esingaphansi komthetho (BOPA) ​Umlingani-nhloko, Umsebenzi Womphakathi (womlingani-nhloko lapho umlingani omkhulu engumuntu woMthetho)
​Amaqembu ​Umgcinimafa, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Usoseshini Ongenzi Nzuzo ​Umgcinimabhuku, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Izinhlangano Zezenhlalakahle ​Umgcinimabhuku, Umnyibilikisi, Umsingathi
​Izikhungo Zohulumeni baseMazweni ​Umgcinimabhuku, Umnyibilikisi, Umsingathi
Amaqomangcebo ​Iqomangcebo elinokusabufakazisi Amanye amaqomangcebo ​Umbhekiqoma Omkhulu, Umnyibilikisi, Umvelelimafa, Umsingathi

  OSontela  ababhalisiwe kusazodingeka ukuba balethe incwadi yegunya lokumelela njalo uma behambela igatsha futhi iprofayili yabo yakwi-eFiling ayizukuguquka.  

Ngikuqinisekisa kanjani ukuthi ngingummeleli obhalisiwe?

Vakashela igatsha lakwa-SARS eliseduze nawe uphathe izidingo ezihambisana nalokhu (amaphepha asekelayo)bese uqopha phansi ubudlelwano bakho naloyo omsebenzelayo ohlelweni lakwa-SARS.   Uma usubhalisile, usungaqala-ke ukusebenzisa i-eFiling ukuze wengamele imininingwane ebhalisiwe yolowo omsebenzelayo. Uzokwazi futhi ukwaba lolu hlelo kwabanye abasingathi be-eFiling.  

Udinga usizo?

Shayela i-Call Centre yakwa-SARS ku-0800 00 SARS (7277) kumbe uvakashela igatsha lakwa-SARS elibuduze. Qiniseka ukuthi uza nayo yonke iminingwane efanele.

Table of Contents

Last Updated:

Facebook
Twitter
LinkedIn
Email
Print