Submit Employee Info isiZulu

​IMIYALEZO YENQUBEKO EKUBHALISWENI KOMTHAMO WENTELANGENISO ISIYATHOLAKALA MANJE

Abaqashi sebengakwazi ukuthola Imiyalezo Yenqubeko mayelana nokuBhaliswa Komthamo WeNtelaNgeniso (i-ITREG), okumanje sebezokwazi ukuthola izinombolonkomba zeNtelangeniso zalabo basebenzi  u-SARS akwazile ukubabhalisa ngempumelelo esebenzisa Isidalulo SokuLinganisa Sabaqashi (i-EMP501) ebesilethwe kuye.    Umthamo we-ITREG uyazenzekela, kabili ngonyaka, ngemva kwezithuba zokulinganisa zabaqashi zonyaka nezesikhashana. Lapho umqashi eletha i-EMP501 yakhe yonyaka kumbe yesikhashana uhlelo lokubhaliswa kwabasebenzi abangayibhalisele Intelangeniso lube selwenziwa.   Isu-ngqangi: Umthamo we-ITREG udinga  ukuba kugcinwe uhlu lwemininingwane lohlelo lwe-inthanethi i-e@syFile™ Employer obelusetshenziswe ngesikhathi kwethulwa izilinganiso. Lapho kusetshenziswe uhlu olwahlukile, abaqashi ngeke bakwazi ukuthola izinombolonkomba zentelangeniso zabasebenzi ababhalisiwe. Esimweni esinjalo, uhlelo lolu luzokwakha imiyalezo eluleka ukuthi izitifiketi zekolinganisa okwedlule kazitholakali. 

Ukuthola Izinombolo zeNtelangeniso ku- e@syFile™ Employer

Ukuze uthole izinombolonkomba zeNtelangeniso, feza lezi zigaba ezilandelayo: 

  • Isigaba 1: Uma udidiyela, qinisekisa ukuthi usebenzisa uhlelo lwe- e@syFile™ Employer  kuthi yonke imininingwane yakho iqukathe ukulinganisa kwakho kwakamuva ukuze kuxhumane.
  • Isigaba 2: Qalisa i-e@syFile™ Employer, faka imininingwane yakho yokungena kwi- e@syFile™ Employer
  • Isigaba 3: Qoka inkampani; uzothola umyalezo wokuthi le nkampani oyiqokile isingumqashi ovuliwe.
  • Isigaba 4: Qoka u- synchronise “All”, uma usuke wakwenza lokhu phambilini ungakhetha ukudidiyela kuphela imiphumela yokubhalisa ngokuqoka u- “Taxpayer Income Tax Registrations”
  • Isigaba 5: Faka imininingwane yakho yokungena kwi-eFiling. Uma sekuphothuliwe ukudidiyela, umyalezwana othushukayo uzovela ekhoneni ngakwesokunene ezansi ukuqinisekisa ukuba imiphumela isitholakele.
  • Isigaba 6: Qoka Isikhungo Sezaziso se- e@syFile™ Employer  bese uvula incwadi yesaziso se-ITREG evela ebhokisini lenkampani.
  • Isigaba 7: Imiphumela izozibuyekezela yona amarekhodi omqashi achonywe ohlwini lwenkampani lolwazi. Ukubuka imiphumela yakho ye-ITREG, qoka u-“View/Edit Employees”

Umyalezo obuyayo wemiphumela yokubhalisa

Uma usuphothule i- ITREG nge-e@syFile™ Employer, u-SARS uzokuthumelela umyalezo wezaziso eSikhungweni Sezaziso se-e@syFile™ Employer,  lo myalezo uzokuhlinzeka ngesifinyezo semiphumela yezicelo zokubhalisa. Imiphumela lena ingabhekwa futhi ku-“View/Edit Employees” okutholakala kwi- e@syFile™ Employer lapho u-SARS ezokuhlinzeka ngombiko wokuqhubekayo mayelana nabasebenzi abangabhalisekanga kanye nezizathu zokungabhaliswa kwalabo basebenzi.   Imiphumela ye-ITREG ungayithuthela kwifayela le-CSV nelingasetshenziselwa ukubuyekeza izicelo zezokuholela ngokuzenzakalelayo. Lolu hlelo lungatholakala ngokuqoka u- “Import/Export Payroll File”  bese uqoka futhi ikhethelo lika-“Export”. Ngeminye imininingwane bheka umhlahlandelela wethu ku-e@syFile™ Employer user guide.   Isu-ngqangi: Kulijoka lomqashi ukuqinisekisa ukuphusa kahle kwemininingwane ayihlinzeka abakwa-SARS lapho eyiletha kubo.   Ngeminye iminingwane ngohlelo lokubhalisela abasebenzi Intelangeniso shayela i-Contact Centre yakwa-SARS ku–0800 00 (SARS) 7277 kumbe uvakashele igatsha lakwa-SARS eliseduze nawe.

Table of Contents

Last Updated:

Facebook
Twitter
LinkedIn
Email
Print