UKUGCINA IMINININGWANE YEBHIZINISI LAMI ILUNGILE
Isungqangi: Indlela yokubhalisela intela nemithekelo kanye nokuqondisa imininingwane yakho evele ikhona isiguqukile kusukela zili-12 kuNhlaba 2014. Ngeminye imininingwane,
cindezela lapha.
Andukuba ugcwalise i-ITR14 yakho, qiniseka ukuthi iminingwane yonke yenkampani yokuxhumana, yekheli, eyasebhange kanye neminingwane yommeli womphakathi iqonde kahle ngokuthi uqinisekise futhi uyiphuhlise (uma kunesidingo) usebenzisa
Ifomu lokubhalisa, Ukuchibiyela Nokuqinisekisa (RAV01). Ungayiqinisekisa futhi uphuhlise imininingwane ye-RAV01 ngokwenza lokhu:
- Ngokucindezela ku- “Maintain Registered particulars” ku- eFiling. U-SARS kungenzeka acela ukuba uze egatsheni ukuzoqinisekisa noma yiziphi izinguquko zemininingwane yasebhange okungenzeka ukuba ubuyenze nge-eFiling.
- Ngokuya egatsheni lakwa-SARS. Sicela uthathise umhlahlandlela we-RAV01 ukuze ulungise lonke ushicilelo oluyisidingo (ushicilelo olwesekayo) oludingekayo ukuze ulungise imininingwane yakho yasebhange kanye nosesikhundleni somphakathi egatsheni lakwa-SARS.