INTELA YOKUTHUTHUKISWA KWAMAKHONO (SDL)
YINI I-SDL?
I-SDL iyintela emiselwe ukukhuthaza ukufunda nokuthuthuka eNingizimu Afika futhi ikhishwa yisibaluli sokuholela somqashi.
Imali yalesi sikhwama isetshenziselwa ukuthuthukisa nokuphucula amakhono abasebenzi.
Ngubani okufanele akhokhe i-SDL?
Isu-Ngqangi: Lapho umqashi elindele ukuba uzoholela cishe kufike kwisamba sika-R500 000 ezinyangeni ezili-12, lowo mqashi ufanelekile ukuba akhokhe i-SDL.
Zinyathelo zini okufanele zithathwe ngumqashi na?
Laba baqashi abalandelayo bashiwa ngaphandle ekukhokheni i-SDL-
- Noma yimuphi umqashi owenza imisebenzi yomphakathi kuHulumeni kazwelonke noma wesifundazwe. (Laba baqashi kufanele bahlele isabelomali esilingana nentela obekumele bayikhokhe esizomela ukuqeqesha nokufundisa abasebenzi babo)
- Noma yisiphi isikhungo sikahulumeni kazwelonke noma wesifundazwe, uma u-80% noma ngaphezulu wezindleko zabo ukhokhwa ngqo noma ngenye indlela ngemali evotelwe liPhalamande. (Laba baqashi kufanele bahlele isabelomali esilingana nentela obekumele bayikhokhe esizomela ukuqeqesha nokufundisa abasebenzi babo)
- Noma yiyiphi inhlangano yokuzuzisa umphakathi (i-PBO), exigiselwe ukukhokhwa Intelangeniso ngokwemibandela yeSigaba 10 (1) (Cn) soMthetho WezeNtelangeniso No. 58 ka-1962, eqhuba kuphela imisebenzi yezenhlalakahle, yezobuntu, ezokunakekelwa kwezempilo, ezenkolo, izinkolelo noma izinzululwazi ekuziziseni umphakathi noma ehlinzeka ngemali kuma-PBO abesenikwe izincwadi zokukhululwa esikhishwe LuPhiko Lwezikukhulula KwiNtela (i-TEU).
- Noma yimuphi umasipala othole isitifiketi sokukhululwa kwintela esikhishwe nguNgqongqoshe WezeMisebenzi.
- Umqashi osamba azosiholela ngaphansi kwe-SDL (isamba esingathelwa) kubasebenzi ezinyangeni ezili-12 esingezukweva ku-R500 000. Uma lokhu kuyisizathu sokushiya ngaphandle, lolu hlobo lwabasebenzi kudingeka lubhalisele ukukhokha i-SDL.
Kudingeka ukhokhe malini?
U-1% wesamba esiphelele semiholo yabasebenzi (kuhlanganisa nemali yesikhathi esongeziwe, imali yamalivu, amabhonasi, imihlomulo, kanye nezinkokhelo zesamba)
INombolonkomba yokukhokha (i-PRN)ekhethekile izokbe isifakiwe kwi-EMP201, futhi izokusetshenziselwa ukuxhumanisa ukukhokha nesidaluli sakho kanye ne-EM201 edanele.
Ngikhokha kanjani futhi nini?
Kufanele ikhokhwe ezinsukwini eziyisikhombise ngemva kokuphela kwenyanga leyo obekubanjwe ngayo leso samba. Uma usuku lokugcina lokukhokha lungeholidi elisemthethweni kumbe ngempelasonto, kufanele kukhokhwe ngosuku lokugcina lokuhweba andukuba kube yiholide noma impelasonto.
- Nge-eFiling
- Nge-inthanethi (EFT)
- Egatsheni lelinye lamabhange agunyaziwe. Ukukhokha ngesheke akufanele kudlule u-R50 000. Lo mkhawulo usebenza noma ngabe ukhokhela izikhawu ezingaki zentela, nalapho kuzokhokhwa ngamasheke amaningi.
- Egatsheni lakwa-SARS elikhethekile ukukhokha ngesheke makungadluli ku-R50 000. Lo mkhwawulo usebenza noma ngabe ukhokhela izikhawu ezingaki zentela, nalapho kuzokhokhwa ngamasheke amaningi.
Kwenzakalani-ke ngalentela ye-SDL?
Le mali etheliwe yabiwa ngomgudu wama-
SETA.
Udinga usizo?